Uphoqelekile ukubhalisela i-VAT uma ingeniso olutholayo lokuthengisa impahla noma imali yokuthengisa amasevisi onikeza ngazo ingaphezulu kwenani lika-R300 000 ngonyaka noma kulindeleke ukuthi izokweqa leli nani.
Umuntu angazibhalisela ngokuzithandela uma ingeniso lenyanga yeshumi nambili ingaphezulu kwenani lika-R20 000 noma kugnenzeka yeqe inani lilka-R20 000.
Izicelo zobhaliso ephoqelekile noma yokuzithandela kumele zenziwe kwifomu le-VAT 101 , engatholakala kwi-website kwisigaba samafomu ngezanzi, noma etholakala kumnyango wendawo wabophiko lwezimali eZingenayo . Ifomu kumele lifakelwe ehhovisi labe-SARS lendawo kungakadluli izinsuku ezingu-21 ukusukela ngosuku ophoqeleke ngalo.
Uma kulibhizinisi langaphandle, imininingwane yomuntu oqokwe ukumela lelobhizinisi eNingizimu Afrika.
Isitatimende sebhangi sakamuva, isheke elikhanseliwe noma incwadi evela ebhangi eqinisekisa imininingwane yakho yebhangi laseNingizimu Afrika. Uma i-akhawunti yebhangi ingekho egameni lomthengisi, kumele kugcwaliswe ifomu le-VAT 119i.
Ilayisense yokuqhuba ibhizinisi uma ikhona kuleyo bhizinis, isibonelo, ilayisense yotshwala noma yokudweba.
Uzokwaziswa nalapho isicelo sakho singavunyelwanga.
Linda okungenani izinsuku ezingu-10 ukuthi ihhovisi legatsha lendawo libhekane nesicelo sakho. Isitifikedi sizoposelwa ekheleni olinikeze kwisicelo sobhaliso kanti futhi sizotholakala emavikini amabili isicelo sakho sivunyiwe. Abasebenzi bakwa-SARS abavunyelwe ukukwazisa ngomlomo inombolo yakho ye-VAT.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
